Tue. Jul 23rd, 2019

Southern Express

The Voice of The Vulnerable

Naka izindaba zakho uphume kwezababili’ – Babes Wodumo

1 min read

UMCULI weGqom’ uBabes Wodumo usegcine ekuphendulile ukugxekwa okukhulu akuthola kubalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuphuma kweculo lakhe noMampintsha noDJ Tira.

UBabes ugxekwe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukubonakala kwivideo yaleli culo elithi  Kukhon’Iyngane Layindlini. Isihloko sale ngoma sisuselwe emazwini kaMampintsha awasho kwi-video eyafakwa nguBabes ngesikhathi emshaya ezinyangeni ezedlule.

UBabes ubonakala kwi-video noMampintsha belingisa okuthiwa kwenzeka ngesikhathi eshaywa ngoMashi nonyaka. Kulingiswa kuphinde kuhlekiswe ngamaphoyisa abopha uMampintsha njengoba uBabes elwa nawo aze awakokozele kule video.

Selokhu iphumile le video, uBabes usolwa ngokuhlekisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane ngale video kanti ilokhu ingene njalo imiyalezo yabantu bemgxeka abanye bemtshela ukuthi abasafune lutho olubahlanganisa naye.

ISOLEZWE

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Copyright ©Southern Express Media Company | Newsphere by AF themes.