Tue. Jul 23rd, 2019

Southern Express

The Voice of The Vulnerable

Isengozini impilo kaSomlando uAnorld Mayibongwe Nkala

1 min read

Mcasiseli Gwaza

Usomlando odume ngokubhala umlando wesizwe samaNdebele kwelase Zimbabwe uArnold Mayibongwe Nkala uthi impilo yakhe isengozini ngemva kokusinda esigamekweni sokuthunjwa. Umnumzane Nkala uthi ubevamise ukufonelwa ngabantu angabazi bemxwayisa ukuthi ayeke imisebenzi yakhe yokubhala ngomlando.

UNkala owabhala incwadi ethi Abethwakazi njalo okubikwa ukuthi kukhona incwadi yakhe ezophuma maduze ekhuluma ngobukhosi bamaNdebele ethi “The Mthwakazi Throne”okusolakala ukuthi kungaba yiyo esimkhandele izitha ngoba kulindeleke ukuthi izogeqa amagula iveze konke ngobukhosi bamaNdebele.

” Zihlobo nabangane

Eminyakeni edlule bengisethuselwa ngabantu abathi bazinhloli. Okwamanje bathembise ukungithumba uma ngiqhubeka ngokubhala ama ‘online articles’. Ubusuku bayizolo ngicishe ngathunjwa kwenziwe sengathi ngibanjwa inkunzi. Ngikholelwa ekuthini ngiphephile manjela engikhona ize nje ngisathithibele. Ngibone kukuhle ukuthi nginazise” kuchaza uNkala ekhasini lakhe le Facebook.

UNkala ubhala ngomlando kuphephendaba iSOUTHERN EXPRESS njalo ngoMvulo

READ ALSO

THE FIRST NDEBELE-BOER WAR (PART 6)

The FOUR SEASONS [PART 1]

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Copyright ©Southern Express Media Company | Newsphere by AF themes.