Tue. Jul 23rd, 2019

Southern Express

The Voice of The Vulnerable

Akekho engixabene naye: Tsholotsho King

1 min read

Umculi kaMaskandi owaziwa ngelithi Tsholotsho King wethule icwecwe lakhe elisha eMzansi Africa elithi Zaphel’ Amandla. Lelidlalade ngelesithathu ngaphansi kwaleli qembu.

Njengoba abalandeli belinde kakhulu iCD leTsholotsho King ephinda yaziwe nge Siban’esinamandla, lomculi uthe okumenza athathe isikhathi yikuthi ungumuntu ohlezi ematasa ngoba ephinde abengu njinela esitudiyo iSBANE Studios.

Ebuzwa ngodaba lokuncofana okwenzeka phakathi kwabalandeli bakhe nabaka Sgodo ongomunye wabaculi boMaskandi  osekuze kwadala ukuthi abalandeli abaningi bakhishwe ezinkundleni zokuxhumana uthe akekho umuntu axabene naye njalo kuCD lakhe elisha akekho amncofayo .

‘”Ezinkundleni zokuxhumana kukomunye umhlaba ohlala abantu abehlukene ngakho izinto abazikhulumayo azifinyeleli kimi ” kuchaza iTsholotsho King

Uphinde wadlulisa umlayezo kubaculi abasafika othi kumele bashaye ingoma emnandi ezothandwa ngabantu ukuze nabo bedume, bethandwe. Wethembise ukuthi lelidlalade limumethe okumnandi kodwa.

Uphethe ngokuthi uzimisele ukukhankasa kakhulu aze ayofika nasemsakazweni eKoBulawayo neseGoli. Idlalade liyatholakala. Xhumana naye kule namba

Tsholotsho King

+27747160190

Souther Express

 

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Copyright ©Southern Express Media Company | Newsphere by AF themes.